|
Xolis' inhliziyo yakho |
|
Ngiyaz' ubumthanda xola mnganami |
|
Xolis' inhliziyo yakho mnganami |
|
Ngiyaz' ubumthanda xola mnganami |
|
Xola xola xola xola |
|
Xola mnganami xola mnganami |
|
Xola xola xola xola |
|
Xola mnganami |
|
Ngiyaz' ubumthanda |
|
Mngani wami bamb' isandla sami |
|
Bengingathandi nami uma usukhala njalo |
|
Ngizwile bethi udlale ngothando lwakho |
|
Ukuhlephulile ukuphul inhliziyo yakho |
|
Amantombazana ubewashintsha-shintsha |
|
Okwamasokisi wena nje ubekungcolisa |
|
Benihlezi nixabana ubehlezi exolisa |
|
Kwasekuqaleni lento ibisolisa |
|
Lamanxeba akho ngizowapholisa |
|
Noma uthe uwile ngiyazi ubuphosisa |
|
Uthe uyakuthanda kodwa ubekukhohlisa |
|
Ubehlezi ekukhalisa wena ubumjabulisa nje |
|
Impumputhe uthando lwakho akalubonanga |
|
Noma belusinda akaluphathanga |
|
Noma mhlambe ube nenkinga akuthandanga |
|
Bengimshayel' ucingo akalubambanga |
|
Xola mnganami ngyazi ubumthanda |
|
Kepha kunini ekudlala um'bamba? |
|
Kunini ekukhalisa umxolela ekshaya? |
|
Impela ubumthanda kepha ubuzophambana |
|
Xolis' inhliziyo yakho |
|
Ngiyaz' ubumthanda xola mnganami |
|
Xolis' inhliziyo yakho mnganami |
|
Ngiyaz' ubumthanda xola mnganami |
|
Xola xola xola xola |
|
Xola mnganami xola mnganami |
|
Xola xola xola xola |
|
Xola mnganami |
|
Ngiyaz' ubumthanda |
|
Xola mnganami ngiyaz ubumthanda |
|
Kepha phela ubusuhlezi ukhala |
|
Uhlezi umbamba namantombazana |
|
Nezandla zakho besezihlezi zibanda |
|
Kudala ngilindile ukuthi uzomshiya nihlukane |
|
Besenihlezi nixabana ningqubuzana |
|
Ngyabona benizogcina ngokubulalana |
|
Kona impela beningasoze niphilisane |
|
Ubekukhafulela ekubiza ngamagama |
|
Beniphikisana beningahambiselani |
|
Benijikisana beniqophisana |
|
Bekungekho ngisho kwakusizana |
|
Noma kuba uhlalile bekusazofana |
|
Ngyabona mina ubengasoze ashintshe lomfana |
|
Usitshela ukuthi ulubambo lwakho |
|
Usimoshile iskhathi sakho |
|
Kodwa phela lunjalo uthando |
|
Mtshele ayibuyise leyo nhliziywana |
|
Nothing for mahhala, niks mapha |
|
Xola mnganami akasale esesala |
|
Xolis' inhliziyo yakho |
|
Ngiyaz' ubumthanda xola mnganami |
|
Xolis' inhliziyo yakho mnganami |
|
Ngiyaz' ubumthanda xola mnganami |
|
Xola xola xola xola |
|
Xola mnganami xola mnganami |
|
Xola xola xola xola |
|
Xola mnganami |
|
Ngiyaz' ubumthanda |